DJ-ImageSlider

  • DSCF1585.jpg
  • DSCF1597.jpg
  • DSCF1604.jpg
  • DSCF1609.jpg
  • DSCF1611_2.jpg
  • DSCF1628.jpg
  • Xhora1.jpg
  • Xhora2.jpg
  • Xhora3.jpg
  • Xhora4.jpg
  • Xhora6.jpg

Izithakazelo

Izithakazelo zakithi zibanzi ngokwehlukana kwezindawo kodwa zonke zifike zihlangane ku Gambushe. Lokhu kufakazelwa yilezi ezilandelayo:

Chonco
Gambushe
Shayimamba
Nyongande zinde ziyemhlubulweni
Mfomubi
Chunu!

Singena sika Maphanga, Ntabenkulu

Gambushe, Chonco, Magabangejubane, Shayimamba, Zicake zibemhlophe, Spatshazi, Fonya! - (Zilethwe ngu Nkanyiso PS Gambushe).

Gambushe, Chonco, Mbota, Shayimamba, Kili, Fonya, Ngawungese!

Chonco Gambushe Nkonjane Ntabenkulu Singena Samaphanga Mfomubi - (Zilethwe ngu Syanda Sbongakonke Chonco).

Chonco, Gambushe, Mfomubi, Shayimamba, Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela, Mahlabinkomo uthi iyaxhuga kanti uthanda inyama, Nyongande ziyemhlubulweni, Nongibaza udonga and'ukuwela, nina bengcwingcwi ephuza kwezinde iziziba ngoba mayiphuza kwezmfishane igob' umlomo Machunu amakhulu - (Zilethwe ngu Sphamandla Chonco).

Qhubekani nizilethe maGambushe.